Yeqela kokuqukethwe

Izinyathelo Zokuphepha

Qiniseka ukuthi ufunda izinyathelo zokuphepha ezilandelayo ngaphambi kokusebenzisa umshini wokubala.

Izexwayiso Zokuphepha

Ibhetri

Gcina amabhetri ekude nalapho kungafinyelela khona izingane ezincane.

Sebenzisa uhlobo lwebhetri oluhloselwe lomshini wokubala oluboniswe kule manuwali.

Izexwayiso Zokusingatha

Noma ngabe isibali sisebenza ngendlela elindelekile, lishintshe ibhetri ngokohlelo oluboniswe ngezansi. Ukuqhubeka ulisebenzisa nangemva kweminyaka eshiwo kungabangela ukuba isibali singasebenzi kahle. Lishintshe ngokushesha ibhetri uma seziba lufifi izinombolo.
fx-991ZA PLUS II: Njalo ngemva kweminyaka emithathu

Ibhetri eseliphelile lingavuza, lidale umonakalo nokungasebenzi kahle kwesibali. Ungalishiyi ibhetri eliphelile esibalini.

Ibhetri elifika nesibali elokuhlola kwasembonini, futhi liyaphela kancane ngesikhathi sokuthuthwa nokugcinwa. Ngenxa yalokhu, ibhetri lesibali lingase lisheshe ukuphela.

Ungalisebenzisi ibhetri eline-nickel kulo mkhiqizo. Ukungahambelani kwamabhetri anjalo nemininingwane yalo mkhiqizo kungadala ukuthi amabhetri asheshe aphele nokuthi lo mkhiqizo ungasebenzi kahle.

Gwema ukusebenzisa nokugcina isibali endaweni enamazinga okushisa eqile, nomswakama kanye nezintuli eziningi.

Isibali masingashayeki, singacindezeleki futhi singagotshiswa kakhulu.

Ungazami ukusiqaqa isibali.

Sebenzisa indwangu ethambile, eyomile ukuhlanza ingaphandle lesibali.

Noma nini ulahla isibali kumbe amabhetri, qiniseka ukuthi lokho ukwenza ngokwemithetho yasendaweni ohlala kuyo.

phrinta leli khasi
Phezulu kwekhasi