Ukwenza Ithebula Lezinombolo kusukela Emisebenzini Emibili (TABLE)
I-TABLE ikhiqiza itafula lezinombolo ngokusekelwe emsebenzini owodwa noma emibili. Ungasebenzisa umsebenzi we-f(x) noma imisebenzi emibili okungu-f(x) no-g(x). Bheka esithi "Ukulungiselela Ukusetha Umshini Wokubala" mayelana nokwaziswa okubanzi.
Yenza izinyathelo ezilandelayo ukukhiqiza ithebula lezinombolo.
1. Cindezela 
(TABLE) ukufaka Imodi ye-TABLE.
2. Sebenzisa isimeleli u-X ukufaka imisebenzi emibili, omunye ngefomethi ye-f(x) bese omunye ngefomethi ye-g(x).
Qiniseka ukufaka isimeleli sika-X (
(X)) uma ukhiqiza ithebula lezinombolo. Noma yisiphi isimeleli ngaphandle kuka-X sisingatwa njengenani elingashintshi.
Uma usebenzisa umsebenzi owodwa, faka umsebenzi ngale fomethi kuphela f(x).
Okulandelayo ngeke kusetshenziswe emsebenzini: Pol, Rec.
3. Ekusabeleni eziyalezini ezivelayo, faka amanani ofuna ukuwasebenzisa, ngokucindezela i-
ngemva kwenye.
| Kwalesi siyalezi: | Faka lokhu: |
|---|---|
| Start? | Faka umkhawulo ophansi ka-X (Default = 1). |
| End? | Fka umkhawulo ophezulu ka-X (Default = 5). Phawula: Qiniseka ukuthi inani le-End lihlala lilikhulu kunenani le-Start. |
| Step? | Faka isinyathelo sokukhuphula (Default = 1). Phawula: I-Step sibalula ukuthi kufanele libe ngakanani inani le-Start ngokulandelana kokukhuphuka njengoba ithebula lezinombolo likhiqizwa. Uma ubalula i-Start = 1 kanye ne-Step = 1, u-X ngokulandelana uzokwabelwa izimeleli 1, 2, 3, 4, njalonjalo ekukhiqizeni ithebula kuze kube yilapho inani le-End lifinyelelwe. |
Ukufaka inani le-Step nokucindezela u-
kukhiqiza futhi kubonise ithebula lezinombolo ngokuvumelana namapharamitha owabalulile.
Ukucindezela i-
kuyilapho isikrini sethebula lezinombolo sibonisiwe kuzophindela esikrinini sokufaka umsebenzi 2.
Isibonelo: Ukukhiqiza ithebula lezinombolo zemisebenzi ye-f(x) = x2 + 12 ne-g(x) = x2 - 12 emahlukweni we, -1 ≦ x ≦ 1, wezinyathelo zokukhushulwa kuka-0,5 (MthIO-MathO)

(TABLE)

(SETUP)
(TABLE)
(f(x),g(x))

(X)
1
2
- ・Ukucindezela
ngaphandle kokufaka okuthile kwe, g(x) kuzokhiqiza ithebula lezinombolo ngokusekelwe ku-f(x) kuphela.

(X)
1
2

1
1
0
5

Phawula
Ungasebenzisa isikrini sethebula lezinombolo ukubheka amanani kuphela. Okuqukethwe ngeke kulungiseke.
Isenzo sokukhiqiza ithebula lezinombolo kubangela isimeleli sokuqukethwe u-X ukuba sishintshe.
Inani eliphakeme kunawo wonke lemigqa ethebhuleni yezinombolo ekhiqiziwe liya ngesethingi yethebhula kumenyu yokusetha. Kungakheka imigqa engafika ku-30 ngokuqondene nesethingi ethi "f(x)", kwakheke imigqa engu-20 ngokuqondene nesethingi ethi "f(x),g(x)".
Kubalulekile!
Umsebenzi wokufaka ithebula lezinombolo elikhiqiziwe ususiwe noma nini lapho ubonisa imenyu yokusetha Kumodi ye-TABLE nokushintsha phakathi Kwesibonisi Semvelo Nesibonisi Somugqa.



