Yeqela kokuqukethwe

Ukulandelana Kokubaluleka Kwesibalo

Ukulandelana kokubaluleka kwesibalo esifakiwe kuhlaziywa ngokuvumelana nemithetho engezansi.
Uma ukubaluleka kwezibalo ezimbili kulingana, isibalo senziwa kusuka kwesobunxele kuya kwesokudla.


1 Izibalo ezikubakaki
2 Amafankshini adinga i-argument eya ngakwesokudla nomkaki ovalayo ")" ngemva kwe-argument
3 Imisebenzi eza ngemva kokufaka inani (x2, x3, x-1, x!, °’ ”, °, r, g, %), ama-power (), ama-root ()
4 Amaqhezu
5 Uphawu lokususa ((-)), izimpawu ze-base-n (d, h, b, o)
6 Imodi ye-STAT yenani elisikiselwe (xˆ, yˆ, xˆ1, xˆ2)
7 Ukuphindaphinda lapho uphawu lokuphindaphinda lweqiwe
8 Ukubala (nPr), inhlanganisela (nCr)
9 Ukuphindaphinda (×), ukuhlukanisa (÷), ukubalwa kokusele (÷R)
10 Ukuhlanganisa (+), ukususa (-)
11 and (insizakubala enelojiki)
12 or, xor, xnor (izinsizakubala ezinelojiki)

Phawula

Uma uphindaphinda inani elinophawu lokususa (njengo -2), inani eliphindaphindwayo kumelwe livalelwe kubakaki (2). Njengoba u-x2 esezingeni eliphakeme kunophawu lokususa, ukufaka u-2 kuzobangela umphumela wesikwele sika-2 bese kunezela uphawu lokususa emphumeleni.

Njalo gcina ukulandelana kuvelele engqondweni, futhi uvalele amanani anophawu lokususa kubaki uma kudingeka.

phrinta leli khasi
Phezulu kwekhasi