Yeqela kokuqukethwe

CASIO

Isiqondiso kumsebenzisi

Thola

Imithetho Evamile Yokufaka

Izibalo zingafakwa ngendlela efanayo naleyo ezibhalwa ngayo. Uma ucindezela ukulandelana kwesibalo osifakile kuzohlolwa ngokuzenzakalelayo futhi imiphumela izovela esibonisini.



Isibonelo 1: 4 × sin30 × (30 + 10 × 3) = 120


*1 Ukufakwa kwabakaki abavalayo kudingekile ngokuqondene no-sin, sinh, nezinye izisetshenziswa ezihilela abakaki.

*2 Lezi mpawu zokuphindaphinda (×) zingasuswa. Uphawu lokuphindaphinda lingasuswa uma lifakwe ngaphambi kwabakaki abavulayo, ngaphambi kuka-sin noma ezinye izisetshenziswa ezihilela abakaki, ngaphambi kwesisetshenziswa u-Ran# (inombolo ejikelezayo), noma ngaphambi kwesimeleli (A, B, C, D, E, F, M, X, Y), amanani angashintshi angokwesayensi, u-π noma u-e.

*3 Abakaki abavalayo ngaphambi nje kwalesi senzo bangasuswa.


Isibonelo 2: Faka isibonelo sokususa *2 kanye *3 nezenzo ezisesibonelweni esingenhla.

  • 43030103

Phawula

Uma isibalo siba side kunobude besikrini lapho usifaka, isikrini sizoskrola ngokuzenzakalelayo ngakwesokudla futhi le nkomba izovela esibonisini. Uma lokhu kwenzeka, ungaskrolela emuva ngakwesobunxele ngokusebenzisa i- ne- ukuhambisa i-cursor.

Uma kukhethwe Isibonisi Somugqa, ukucindezela u- kuzobangela ukuba i-cursor yeqele ekuqaleni kwesibalo, kuyilapho i- izokweqela ekugcineni.

Uma kukhethwe Isibonisi Semvelo, ukucindezela u- kuyilapho i-cursor isekugcineni kwesibalo esifakwayo kuzoyenza ukuba yeqele ekuqaleni, kuyilapho ukucindezela u- njengoba i-cursor isekuqaleni kuzoyenza yeqele ekugcineni.

Ungafaka kuze kube amabhayithi angu-99 wesibalo. Inombolo ngayinye, uphawu, noma umsebenzi uvame ukusebenzisa ibhayithi elilodwa. Eminye imisebenzi idinga amabhayithi amathathu ukuya kwangu-13.

I-cursor izoshintsha isimo sibe kanje uma kunamabhayithi angu-10 noma ngaphansi walokho okuvumeleke ukufakwa okusele. Uma lokhu kwenzeka, qeda ukufaka isibalo bese ucindezela .

phrinta leli khasi
Phezulu kwekhasi