Yeqa uye kokuqukethwe

CASIO

Isiqondiso kumsebenzisi

Thola

Ukuqalisa

Ukususa Isivalo Esiqinile

Ngaphambi kokusebenzisa umshini wokubala, yehlisa isivalo usiyise phansi ukuze usivule, bese usifaka ngemuva komshini wokubala njengoba kuboniswe emfanekisweni ongezansi.

Ukuwuvula Nokuwucima

Cindezela ukuze uwuvule umshini wokubala.

Cindezela (OFF) ukuze ucime umshini wokubala.


Qaphela

Umshini Wokubala nawo uzovaleka ngokuzenzekelayo ngemva kwemizuzu engaba ngu-10 ungasebenzi. Cindezela inkinobho ukuze uwuvule umshini wokubala.

Ukulungisa Ukubonakala Komshini Kwemibala Ehlukene

1. Cindezela .

Lokhu kubonisa isikrini sokulungisa ukubonakala.

2. Cindezela .

3. Sebenzisa i ne ukulungisa ukubonakala kwemibala ehlukene.

4. Ngemva kokusetha ngendlela oyifunayo, cindezela .


Kubalulekile!

Uma ukulungisa ukubonakala kwemibala ehlukene kungayithuthukisi indlela okukhanya ngayo ukuze kufundeke kangcono, cishe kusho ukuthi amandla ebhethri aphansi. Faka elinye ibhethri.

Izimpawu Eziyinhloko

fx-82MS/fx-85MS/fx-300MS/fx-350MS: Ukuchofoza lokhu noma inkinobho elandelwa inkinobho yesibili ukwenza umsebenzi ohlukile wenkinobho yesibili.
fx-220 PLUS: Ukuchofoza lokhu
inkinobho elandelwa inkinobho yesibili ukwenza umsebenzi ohlukile.

Umsebenzi ohlukile uboniswa ngombhalo obhalwe ngaphezulu enkinobheni.

fx-82MS/fx-85MS/fx-300MS/fx-350MS:

(1) Umsebenzi we-Keycap
(2) Umsebenzi ohlukile
fx-220 PLUS:

Okulandelayo kubonisa ukuthi imibala ehlukene yombhalo ohlukile womsebenzi osebenzayo usho ukuthini.

Uma umbhalo oyinhloko kuyi lo mbala: Kusho lokhu:
Okuphuzi Cindezela inkinobho ukuze ufinyelele umsebenzi owudingayo.
Okubomvu Cindezela bese ucindezele inkinobho ukuze ufake uhlamvu olumelela inombolo, inombolo engaguquki, inombolo engaziwa, noma uphawu. (fx-82MS/fx-85MS/fx-300MS/fx-350MS kuphela)
Okuhlaza okwesibhakabhaka (noma okuhlanganiswe kubakaki abaluhlaza) Faka indlela yokusebenza yeSD neyeREG ukuze ufinyelele lowo msebenzi. (fx-82MS/fx-85MS/fx-300MS/fx-350MS kuphela)

Lokhu okulandelayo kubonisa isibonelo sendlela eminye imisebenzi eyethulwe ngayo kule ncwajana.
Isibonelo: (sin-1)* 1 * Kubonisa umsebenzi ongena kuwo ngokusebenzisa le nkinobho () engaphambi kwayo. Qaphela ukuthi lokhu akuyona ingxenye yezinkinobho ozichofayo.

Okulandelayo kubonisa indlela isibonelo sendlela yokukhetha ohlwini lonikezwe khona usebenzisa izinkinobho okwethulwe ngayo kule ncwajana.
Isibonelo: (COMP)* * Ibonisa imenyu ekhethiwe ngokusebenzisa inkinobho enenombolo () engaphambi kwayo. Qaphela ukuthi lokhu akuyona ingxenye yezinkinobho ozichofayo.

Inkinobho yekhesa ibhalwe imicibisholo eminye, ekhombisa isiqondiso, njengoba kuboniswe emfanekisweni oseduzane. Kule bhukwana, ukusebenzisa igundwane eliseskrinini kuvezwe njengo - , , , kanye .

Ukufunda Okubonakalayo

Ukubonakala kolayini ababili kwenza kube lula ukubuka kokubili ifomula ye-sibalo kuhlanganise nemiphumela kwakho ngesikhathi esisodwa.

(1) Indlela yokubala
(2) Umphumela wokubala
(3) Izinkomba

Ithebula elingezansi lichaza ezinye zezinkomba ezijwayelekile ezivelayo phezulu kwesikrini (3).

Lesi nkomba: Kusho lokhu:
Izinkinobho zishintshiwe ngenjongo yokwamukela eminye imisebenzi ngokucindezela inkinobho . Izinkinobho zizosuka kulolo shintsho futhi le nkomba inyamalale lapho uchofa inkinobho.
Indlela yokungena kwi-alpha ifakwe ngokucindezela inkinobho . Uyophuma kwi-alpha futhi le nkomba izonyamalala uma uchofa inkinobho. (fx-82MS/fx-85MS/fx-300MS/fx-350MS kuphela)
// Ibonisa ukuhlelwa kwamanje kweyunithi ye-angle (: Izinga, : I-Radian, noma : I-Gradiant) ohlwini lokungakukhetha.
FIX Inombolo emile yezindawo zedesimali iyasebenza.
SCI Inombolo emile yezinombolo ngazinye ezibalulekile iyasebenza.
M Kukhona inani eligcinwe kwinkumbulo ezimele.
STO Umshini wokubala ulinde uhlamvu olumelele inombolo ukuze inikeze lolo hlamvu inani. Le nkomba ibonakala ngemuva kokuthi ucindezele (STO). (fx-82MS/fx-85MS/fx-300MS/fx-350MS kuphela)
RCL Umshini wokubala ulindele ukuthi kufakwe uhlamvu olumelele inombolo ukuze ukhumbule inani lalolo hlamvu. Le nkomba ibonakala ngemuva kokuthi ucindezele . (fx-82MS/fx-85MS/fx-300MS/fx-350MS kuphela)
phrinta leli khasi
Phezulu nekhasi